17/01/2026
Siwu Nongoma wonke, ngaphansi kwesilo samabandla uMisuzulu kaMdlokombane, izindlu zamakhosi akithi wonke; Mandlakazi, Ematheni, Osuthu. Amakhansela wonke aphethe ama ward awu 23, izinduna kanye nabo bonke abanikwe umsebenzi wokuqapha abantu baka Nkulunkulu.
Siyaziqhenya kakhulu ngengane yethu uSimesihle Khuzwayo, uthathe indawo yakithi ehlala idelelwa, ibekwa amabala wayibeka ebalazweni ngokuba ngomunye wabafundi abaphase kahle kakhulu kuzwelonke.
Ingane inabazali begazi, iphinde futhi ibe ngeyesizwe sonke, ingakho sizishaya isifuba ngekwenzile, siyakubongela Simesihle, uqhubeke njalo wande ngokuhle.
Siyabonga King Bhekuzulu High School, qhubekani nenzele isizwe sakithi okuhle. Kuthishanhloko, othisha nabo bonke abasebenzi ababambe iqhaza ukuze lesi sikole sibe la sikhona.