20/06/2025
Writer: Regi Nald
Monologue: ukukhala ak'sizi
(Laughs sarcastically )
So, ucabanga ukuthi mina, njengoba ngiyisigebengu, ngiyayithanda lento engiyenzayo.. hmm? ukubona umphakhathi wam uhlukumezeka ucabanga ukuthi lento leyo iyangi jabulisa.
uyakhohlwa ukuthi, ngiyile slwane engiyiso namhlanje ngoba ngayeka isikole ngithi ngiyophandela wena sisi wam ukuthi ube nek'sasa elihle.
Ngaziyekelela mina namaphupho wami, ngakhetha ukuyo phandela wena khona uzoqhubeka neskolo.
Namhlanje sowuphumelele ngenxa yemizamo yami, unemali , unomuzi, unezi moto... unomndeni wakho.
every sunday uya esontweni uyobonga umdali ngako konke onakho... kodwa mina mhla ngise jele azange uze nange langa elilodwa uzongivakashela... ngisho noma sengikhululwa, azange uzongilanda.
Mangiza kuwe, indoda yakho yangixoshisa okwenja kwakho, wathula wangibeka uma ngik'cenga... ngikukhalela.
Ngingenayo indawo yok'lala ngoba ngadayisa indlu yabazali bethu khona ngizobadalela imfundo yakho.
Namhlanje ungibukisa okwamasimba, ungitshela ukuthi ngiyak'hlaza emphakathini ngoba abantu behlezi bazokhalela kuwe ngenxa yami, yobu phara bami....
Bowuthi mina ngizophila ngani ngoba ubugebengu into k'phela engiyaziyo, heh?.
Yazi Benginethemba ukuthi, ukuphumelela kwakho kuzong'khulula kule mpilo engiyiphilayo, ngithi umntwana wasekhaya ohlakaniphile uzong'khipha kule mpilo yobu phara.
Kodwa bengingazi ukuthi ngiya zabalaza, ngizamela umuntu ongena ndaba nami.. okhathalela ukuthi abantu bacabangani more than isimo sempilo yami.
Kodwa ungakhathazeki sisi wami.. ngoba namhlanje lo mgulukudu ongubuti wakho, le slima engiyisona siyak'khulula namhlanje.... ngiyehlisa umthwalo wami emahlombeni akho. Ngiyathemba lokhu kuzoletha intokozo enhlizweni yakho.
Ngingazi ukuthi impilo izong'thatha ingibekephi, kodwa ngiyi ndoda.... iqhinga lizo vela. Sengiyavalelisa . Uhlal'uwazi ukuthi ngiyak'thanda ... ngisho noma ngingalwazi uthando lwakho... kodwa ngifuna uhlale uwazi ukuthi uzohlezi unen