21/08/2026
π° Ikhandidethi le-IFP elifakwa ngenkani lingakhethwanga ku-Ward 15 eMfolozi linecala elaliboshelwa ngo-2023 lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
CAS 107/11/2023
UThabethe lo oqokwe isiyingi esiholwa uNkanyiso Zulu sesithole ukuthi azizinhle neze izindlela zakhe, ushumayela ebuye ehambe izindlela zethunzi ezimnyama. Ngo-2023 wabanjwa nesibhamu nenqwaba yezinhlamvu okwakungekho emthethweni. Icala lisemaphoyiseni akwaMbonambi, waphuma ngebheyili okumanje kulokhu kwalindwa ukuyohlolwa kwesibhamu okungacaci ukuthi kwabambaphi.
Kungenzeka uThabethe njengoba ehlohlolozwa ngenkani efakwa ebukhanseleni ethi engawina bese limgojela icala. Lokho kobe kusho ukuthi kunekgansela eliyisigebengu kuqhume bi-election.
Indaba Online