19/08/2026
🔥Ezivuthayo🔥
Kikilikikiiiiiiii seksile, kusho iqhude ...... Qhude Manikiniki zindala.......
Namhlanje kulindeleke ukuthi I EFFYC yase Unizulu iyokhetha abagadli bayo ezogadla ngabo kwi SRC njengoba kuzovotwa ngenyanga ezayo (September).
Impela ubuhholi buthe bukhathele amahhemuhhemu ako Facebook ngoba kuningi ukukhuluma esikubona ko Facebook mayelana nabazothunywa I EFFYC e SRC. Nakuba kunjalo konke lokhu ukukhuluma nje okungenasigqi ngoba abekho abantu okusavunyelwene ngabo kodw ke namhlanje izolala ikhonjiwe.
Lokhu kuza emveni kokuba ubuhholi be SASCO Khulekani Mhlongo branch budalule ngekhasi labo kwezokuxhuman ukuthi bona sebuhlalile bakhetha bavumelana ngokuthi okunguyena owengamele iskole uSazi Ndlela makabuye ihlandla lesibili.
Okube sekususa izinkulumo ukubona ikhasi lesifundazwe lobuhholi be SASCO buveza okuhlukile ngaloludaba. Lelikhasi lishicilele ukuthi kuvunyelwene ngo Awande Mkhize kwesobuMongameli okhona naye emkhandlwini wakulonyaka njengesekela likaMongeli.
Bekulindeleke ukuthi mhlampe kuvezwe ukuthi kukhona iphutha elenzekile kodwa kubukeka sengathi alikho okush ukuth womabili lamadoda okwamanje azimisele ngokuth ziyoshiyana ngevoti. Asazi iyozala nkomoni sizobona mhla kubuya I list.
Umbuzo uthi ngabe ne EFFYC ingakwenza yini lokho? Lombuzo uvezwa ukuthi kunoZimisozenkosi obenomdlandla nakhona la kwezokuxhumana ekhipha ama update. Kamuva nje sekuvele nenye indoda futhi okubukeka sengathi nayo izimisele ngalesikhundla obekuthiwa esakhe sokuba uMongameli omele iqembe lezibomvu e campusin, lendoda kuthiwa uNtokozo Miya. Kamuva nje ku Facebook sesinokubona abantu bayo I EFFYC be post yona abanye be post uZimiso kodw bonke bathi President. Ngabe I EFFYC yona izogcine imise kanjani noma nayo izohlukana kabili? Ayyy Asazi.
Asikabi nakho ke okutheni ngeqembu le SADESMO, MKSM, kanye ne DASO kodwa sizobuya nazo zivutha.