17/01/2025
Izikole zeReiger Park ziqala unyaka ngokukhuthazwa nokusekelwa
By Ncamiso Dlamini
Usuku lokuqala lwesikole e-Oos Rand Commerce and Entrepreneurship School of Specialization e-Reiger Park beluhambisana nesasasa nomuzwa onamandla wenhloso njengoba abafundi bemukelwa yiMeya ePhethe uNkosindiphile Xhakaza, uMMC wezokuHlelwa kweMigwaqo nokuThutha u-Andile Mngwevu, kanye noNgqongqoshe waseGauteng weze Environment Shyla Peters. Lolu suku lugcizelela ukubaluleka kwemfundo, ukwesekwa komphakathi, nokunakekela imvelo.
IMeya uXhakaza, ekhuluma nabafundi, ugcizelele indima ebalulekile edlalwa yimfundo ekwakheni ikusasa eliqhakazile. “Imfundo yezingane zethu ingumthwalo wawo wonke umuntu. Imiphakathi kumele yeseke ngokugcwele izinhlelo zezikole ezindaweni zayo,” usho kanje. Uncome ukutshalwa kwezimali ku-Oos Rand School of Specialisation, ehambisana nombono we-Aerotropolis—umbono othuthukisa umoya wokungenisa izihambi nokuvakasha esifundeni.
Abafundi bagqugquzelwe ukuthi baphokophele phezulu, kanti iMeya uXhakaza yagqamisa uhlelo lwemifundaze yeDolobha njengomthombo obalulekile wokuxhasa izifundo ezengeziwe. Wachaza ukuthi umqondo we-Aerotropolis uhlobana kanjani nekhono lesikole kwezokuvakasha, ekhuthaza abafundi ukuthi babone ukusetshenziswa komhlaba wangempela kwemfundo yabo.
UNgqongqoshe uShyla Peters naye uhambe emazwini akhe, enxusa abafundi ukuthi bahlale begxilile futhi bazinikele kusukela ekuqaleni konyaka. “Nonke niyakwazi ukuba ngabafundi abenza kahle kakhulu. Kudinga ukugxila nokuzinikela,” kusho yena ebagqugquzela ukuthi bawasebenzise ngokugcwele amathuba abo.
Imisebenzi yosuku ibihlanganisa ukutshalwa kwezihlahla okungokomfanekiso esikoleni yiMeya uXhakaza, uMMC Mngwevu, kanye noNgqongqoshe uPeters. Lesi sinyathelo sagqamisa ukubaluleka kwesibopho sezemvelo futhi sashiya isikhumbuzo esihlala njalo semiyalezo yosuku ekhuthazayo. UMnyango wezeMidlalo, uBuciko, amaSiko nokuNgcebeleka eGauteng nawo unikele ngokunikela ngezimpahla zebhola esikoleni.