11/09/2026
IZIMBABWE YENZA USUKU LUKAMNANGAGWA L**E YIHOLOLI LESIZWE,ABANYE BATHI NORAMAPHOSA LIMUFANELE IHOLIDI NGOSUKU LWAKHE
Umhla ziyi-15 kuMandulo usuzoba yiholidi lesizwe eZimbabwe, elibizwa nge Munhumutapa Day. Lolu suku luqondana nosuku lokuzalwa lukaMengameli u-Emmerson Mnangagwa.
Uhulumeni uthi lolu suku luhloselwe ukugubha umlando, amasiko kanye namagugu ezwe. Kodwa abagxeki bathi ukuqondana kwalo nosuku lokuzalwa lukaMnangagwa kunikeza uMengameli udumo olukhulu.
Kanti abanye abantu baseNingizimu Afrika bathi nohulumeni waseNingizimu Afrika kumele ucabange ukwenza usuku lokuzalwa lukaMengameli uCyril Ramaphosa l**e yiholidi lesizwe.